ZAMA MAJOLA
Umakadebona we-ANC uTony Yengeni usulile eqembini le-ANC wajoyina iqembu le-MK, akugcinanga lapho umholi we-MKP uJacob Zuma usememezele ukuthi uYengeni uzoba yiphini lesibili likamengameli weqembu. Ekhuluma esithangamini nabezindaba eThekwini, uZuma uthe uYengeni uza nolwazi olunzulu kwezombusazwe kusukela ngezikhathi zobandlululo. “ Nansi indoda esizosebenzisana nami ebuholini baleli qembu. Sisuka kude kakhulu naye. Ngiyamethemba ngoba ngilwile naye futhi ngasebenza naye” esho. UYengeni uzosebenzisana nePhini likaMengameli wokuqala weqembu, owayengumengameli wamajaji eWestern Cape, uJohn Hlophe.
UYengeni uncome uZuma ngobuholi bakhe ku-ANC namanje usengumholi we-MK Party. Wachaza nokuthi kungani enqume ukushintsha amakhaya ezombusazwe. “Lo mshikashika wokukhulula umphakathi nezomnotho oholwa yi-MKP nezinye izinhlangano zezepolitiki zabamnyama awuqondene nami noma nanoma ngubani. Umayelana nenhliziyo nomphefumulo womhlaba wokhokho bethu kanye nabantu bayo, i-People’s Republic of South Africa. INingizimu Afrika nabantu bayo kufanele futhi bekhululeka. Ngiyayethemba i-MKP ekukhululeni abantu abamnyama enhluphekweni yingakho ngijoyine leli qembu” kusho uYengeni.

