ZAMA MAJOLA
UNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnu. Siboniso Duma, usexwayise abaqashi abaqasha abokufika abangenazo izincwadi.
UDuma ukusho lokhu ngemuva komkhankaso omkhulu womnyango othi, #NenzaniLaEzweni, othole abantu bokufika abangaphezu kuka-15 abangenazo izincwadi beshayela amaloli nezithuthuthu eMkhondeni ebhulohweni lokukala isisindo ngaseMgungundlovu. “Kumanje sizobhekana nabanikazi balezi zinkampani ezingaphansi komkhakha wezimpahla, ngijube abakwaRoad Traffic Inspectorate (RTI) ukuthi babophe abaqashi ngokuqasha abokufika abangenazo izincwadi abaphendula imigwaqo yethu izinkundla zokubulala,” kusho uDuma.
Amathimba ophiko lwezasekhaya, amaphoyisa kanye nomnyango wezokuqashwa nabasebenzi asebenzisana ne-RTI ukuze kuqinisekiswe ukuthi bayaboshwa laba abaqasha abokufika ngokungemthetho.

