Isongwe ngempumelelo ingqungquthela yamanzi yesifunda saseMzinyathi

ZAMA MAJOLA

Abaholi bendawo, ababambiqhaza kanye nemiphakathi bebehlangene ukuze benze uhlelo olubumbene lwekusasa lamanzi lesifunda.  UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (CoGTA) uVelenkosini Hlabisa wethule amazwi okuvala, egqamisa imiphumela yale ngqungquthela kanye neqhaza elibalulekile lobuholi bomdabu ekufezekiseni ukusimama kwamanzi.

“Ngithanda ukudlulisa ukubonga kwami kubo bonke ababambiqhaza, okuhlanganisa iminyango kahulumeni, omasipala, izinhlangano zomphakathi kanye nezinkampani ezizimele, ngokubamba kwenu iqhaza kanye nokuzinikela kwenu ekuqinisekiseni ikusasa lamanzi esifundeni sethu,” usho kanje. UHlabisa ugcizelele ukubaluleka kwaMakhosi, wancoma ukuthi axhumene kakhulu nomhlaba nezinsiza.   “Ubuhlakani nobuholi benu busikhumbuza ukuthi amanzi akayona nje insiza kodwa ayifa,” engeza.   Le ngqungquthela yezinsuku ezimbili, ebise-Battlefield Country Lodge eDundee, KwaZulu-Natal, idingide izinselelo eziphuthumayo zokulethwa kwezidingo zamanzi kuwo wonke amawadi angu-61 esiFundeni uMzinyathi.

Isiqubulo salo mhlangano besithi: “Ukuvikela Ikusasa Lamanzi Lesifunda SaseMzinyathi Ngokubusa Okuhle, Ingqalasizinda Yamanzi Esimeme,” iqondise izingxoxo nezinqumo ezihlukahlukene ezihlelelwe ukubumba izinqubomgomo zamanzi zesifunda. Le ngqungquthela iphinde yagxila ekuqinisekiseni ukutholakala kwamanzi ngokulinganayo. UHlabisa ubalule ukuthi ukungenelela kwesikhashana, njengokuvunwa kwamanzi emvula nokuthuthukiswa kwemigodi, kuzohambisana namasu esikhathi eside. Le mizamo ihlose ukuqinisekisa ukuthi wonke umuzi waseMzinyathi uthola amanzi. Ukongiwa kwamanzi kanye nokulawulwa kwesidingo kwakuyizindatshana zezingxoxo ezibalulekile, lapho ababambiqhaza bezwakalisa ukukhathazeka ngokuxhunywa ngokungemthetho nokulahleka kwamanzi.  “Sizosebenzisa imithetho kamasipala, sisungule amakomidi ezamanzi azinze ezigcemeni futhi siqalise nemikhankaso yokuqwashisa,” egcizelela indlela yokunqanda ukumoshwa kwamanzi.

Le ngqungquthela iphinde yathinta ukubaluleka kwezimo zemigwaqo ukuze kube lula ukulethwa kwezidingo kubantu. UHlabisa uqinisekise ukuthi ukusebenzisana nomasipala basekhaya ukulungisa imigodi kuzobekwa eqhulwini, ikakhulukazi ezindaweni ezisondelene nobuholi bomdabu.   “Lokhu akukona nje ukukhombisa inhlonipho kodwa kuyisinyathelo esisebenzayo sokuqinisekisa ukufinyelela okuphephile kobuholi bendabuko kanye nemiphakathi abayisebenzelayo,” usho kanje. Kuthe sekuphothulwa ingqungquthela uHlabisa enxusa ukuthi kuthathwe izinyathelo eziphuthumayo. “Lezi zinqumo akuwona amazwi nje; ziyizibopho ezidinga ukuphuthuma, ukubambisana, nokuziphendulela. Impumelelo yale ngqungquthela ngeke ikalwe ngezinga lezingxoxo zethu kodwa ngejubane nobuqotho bokusebenzisa kwethu” engeza.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *