ZAMA MAJOLA
Njengoba izinkulungwane zabafundi bakamatric belungiselela ukuqeda izifundo zabo zesikole, umyalezo ovela emaphoyiseni aseKZN uthi mabakubungaze ngendlela lokho, hhayi budedengu. “Sikhipha isexwayiso esishubile ngalaba bafundi bakaGrade-12 asebematasa nezivivinyo zokugcina ukuthi kumele bagxile ekuphothuleni u-matric bagxile emfundweni yabo ephakeme nokuqeqeshwa okuzoba ngonyaka ozayo”kusho uJenene Mkhwanazi.
UNhlanhla Mkhwanazi uthi nakuba beqonda ukuthi abafundi bafuna ukubungaza ukuphela kwezivivinyo zabo, kodwa uyabanxusa ukuthi baziphathe ngendlela efanele emaphathini abo abizwa nge “pens downs”. Uthi minyaka yonke le micimbi iba nezinxushunxushu. “Lamaphathi kumele aphathwe ngendlela yokuthi angamaqembu okubungaza hhayi amaqembu azodala umonakalo emiphakathini lapho ezinye zalezi zingane zizoba yizisulu zokudlwengulwa futhi zibulawe. Kulawa maphathi, abafundi, abanye babo, basebancane, bazitika ngotshwala, badla nezidakamizwa, ngeshwa, iningi lale micimbi ayipheli kahle” kusho uMkhwanazi. Unxuse abazali ukuthi babambe iqhaza elibonakalayo ekugadeni izingane zabo. UMkhwanazi uthi amaphoyisa azobe ephume ngobuningi bawo kanti noma ngubani owephula umthetho okuhlanganisa nabafundi bazobhekana nengwadla.

