I-SASSA inxuse ababhalisela uR350 ukuthi basebenzise izinombolo zabo ezisemthethweni

ZAMA MAJOLA

I-South African Social Security Agency (SASSA) inxuse bonke abafake izicelo zesibonelelo se-COVID-19 Social Relief of Distress (SRD) (R370) ukuthi basebenzise izinombolo zomakhalekhukhwini ezibhaliswe ngaphansi kwamagama abo ukuze bafake izicelo ezisemthethweni zalesi sibonelelo.   Esitatimendeni, i-Ejensi ithe inombolo yocingo kanye nemininingwane yasebhange iyimininingwane ebalulekile uma kwenziwa isicelo. “Bonke abafake izicelo nabahlomulayo kumele bazi ukuthi ukusebenzisa inombolo yakho kuzosiza ukuqapha, ukuhlola ukuqhubeka kwesicelo nokuthola nezaziso ezivela ku-Ejensi ezingase zidinge ukunakwa komfakisicelo noma ozohlomula.

Lezi zaziso zihlanganisa nemiyalezo yokwenza inqubo yokuqinisekisa. Ngaphandle kokusebenzisa inqubo yokuqinisekisa isicelo ngeke siphumelele futhi akukho sibonelelo esizokhokhwa,” kusho i-Ejensi. I-Ejensi ithe umsebenzi wokuqinisekisa uqinisekisa ukuthi imali yesibonelelo ikhokhelwa umuntu ofanele futhi iyasiza ekulweni nezenzo zokukhwabanisa. Ukufaka isicelo salesi sibonelelo vakashela kuhttps://srd.sassa.gov.za. Ukuze uthole olunye ulwazi thintana nenombolo yamahhala phakathi nezinsuku okungu-0800 6010 11. Le nombolo itholakala ngezikhathi zokusebenza ngoMsombuluko – ngoLwesihlanu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *