UNdunankulu Ntuli weseka uMkhwanazi ukuthi aqhubeke nokuhola amaphoyisa eKZN

ZAMA MAJOLA

UNdunankulu uThami Ntuli usephinde waqinisekisa izincomo zakhe zokuthi uNhlanhla Mkhwanazi aqhubeke nokuba nguKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal. Uthi uhulumeni wesifundazwe wenelisekile ngomsebenzi owenziwa ngamaphoyisa ngaphansi kobuholi bukaMkhwanazi. Isikhathi sikaMkhwanazi njengokhomishana kulindeleke ukuthi siphele ngoMashi 2026. Lokhu ukusho ngenkathi ephendula imibuzo yezintatheli eThekwini mayelana nokuphawula kukaNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu. Senzo Mchunu, osekhefini eliyisipesheli.

Ngesikhathi ethula ubufakazi phambi kwekomiti lesikhashana lePhalamende eliphenya ngokungena kwepolitiki nobugebengu emaphoyiseni, uMchunu wenqabile ukudalula ukuthi uyakweseka yini ukuqokwa kabusha kukaMkhwanazi. Utshele ikomiti ukuthi ukuqoka ukhomishana wesifundazwe kuwumsebenzi kaKhomishana kazwelonke noNdunankulu, hhayi uNgqongqoshe.  “Sengikusho kaningi ukuthi uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi uyiphoyisa elimangalisayo, njengamaphoyisa amaningi esifundazweni. Angicabangi ukuthi kulempi amaphoyisa ayilwayo nezigebengu, sekungamiswa umuntu okuwuyena okuqondayo ukulwa nezigebegu azinqobe” kusho uNtuli.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *