Iphini likaNgqongqoshe wezeMfundo Dkt. Nomusa Dube Ncube uvakashele eCoastal College

NOMTHANDAZO MAGOSO

Iphini likaNgqongqoshe Dkt. Nomusa Dube Ncube uvakashele ikolishi (college) elisemlazi elaziwa ngokuthi i-Coastal KZN College ekwa-V eMlazi, mhla zingu-14 Novemba 2025. Engahambi yedwa ehamba nezikhulu ezivela eMnyangweni wezeMfundo ephakeme abaqeqeshiwe abavela kwa-SETA, nabakwa-NSFAS kanye noMnu. Nkosinathi Mchunu, oyibamba leMenenja Yesifunda eKZN, ugcizelele ukubaluleka kokuqeqeshwa komsebenzi ngamakolishi e-TVET njengoba umfundi uphuma esekwazi ukuzenzela imisebenzi abenesipiliyoni esisebenzayo.

Uveze ukuthi izifundo ezifana ne-Life Orientation kufanele zilungiselele abafundi impilo yasekolishi futhi zigxilise isiyalo ukuvimbela ukusetshenziswa kabi kwezimali ze-NSFAS ekusebenziseni izinto ezifana nezidakamizwa. UMchunu uphinde uthe, ukubamba iqhaza okukhulu kwabafundi basemakhaya kuguqula amakolishi e-TVET, ayekade ebhekwa njengezikhungo zentsha esikhulile. Ukhuthaze abantu abasha ukuthi bahlole izindlela zomsebenzi kanye namakolishi othisha njengezindlela ezisebenzayo zokwakha amathuba emisebenzi.

UDkt. Nomusa Dube Ncube, akagcinanga ngokugqugquzela njengoba ebehamba nabakwa-NSFAS uphathele abafundi abenza kahle ezifundweni zabo emakilasini ngokubapha izipho zama laptop, abafundi abavela ezikoleni ezahlukeni nakhona Coastal College  kukhona owine  nge-laptop abafundi abahlomulile ilaba, Anami Msimang wase Zwelethu high School, Zuzithemba Shange wase-uMlazi Senior School, Lungelo Xaba wase Coastal Kzn College, Shodi Zindela wase Mbelebele high school, Akhona Madikizela wase Naleli High School  noYandisa Mkhwane wase King Shaka High School.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *