ISiphusha Ikhono inhlangano engenzinzuzo yenze okujabulise iningi

Siphusha Ikhono Lamakhono inhlangano eyasungulwa kuwo lonyaka ngo-April yasungulwa uMnu. NC Mbatha. Inhloso yayo bekuwukufukula amaCiko lapho engakwazi ukusizakala khona okunye ukusiza amaciko ekuhleleni imicimbi kanjalo nezindlela zokuzimaketha kwawo.

Ukugcizelelile ukuthi bona bayinhlangano engenzi nzuzo kepha ephila ngokucela izingqinamba abake babhekane nazo oyokwenza ukuthi abantu bakholelwe kuleliphupho lalenhlangano ukuphakamisa amakhono. Kunzima ukuhlanganisa amaciko asemikhakheni engefani, uwenze abe moya munye.

Isiphusha Ikhono ihlele indumezulu yomcimbi lapho iyobe ibungaza khona umabonakude 1KZN TV kanjalo nokuqhakambisa amakhono ahlukene. Lomcimbi uyobe ukhona ehholo elikhona ebhilidini lakukhona khona 1KZN TV.

Umcimbi kuhlelwe ukuthi ubengezi-06 Disemba ngo-10:00 ekuseni eRichardsbay ezindlini zokusakaza ze 1 KZN TV kune Hholo ngaphakathi abaculi abazobe bekhona uMbuzeni, Thokozani Langa, Gadla Nxumalo ,Stabhilithi, Matshitshi Ngema, Tv Biyela nabanye abaningi kanye no Mafresh (Ukhozi FM) kanjalo no King Lwah no Brian Smile The Motivational Speaker. Kuningi abantu abazokujabulela njengoba lomcimbi uzobe wethulwa nakumabonakude.  Sithi nje abantu abafike ngobuningi babo, kugcizelela umhleli womcimbi. Uma udinga ulwazi oluningi bathinte ekhasini labo  Facebook-Siphusha ikhono lamaciko Foundation kanjalo naku Tiktok. WhatsApp/Call: 073 7198 495.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *