Isilo sibophe ifindo likasofa silahlane neNdlovukazi uMaMyeni

ZAMA MAJOLA

Bekugcwele injabulo ebukhosini bakwaZulu ngesikhathi kushada iSilo uMisuzulu kaZwelithini nonkosikazi wakhe wesithathu iNdlovukazi uNomzamo Myeni KwaKhangelamankengane esigodlweni saKwaNongoma eNyakatho yeKwaZulu-Natali mhlaka-9 Novemba.  Amalungu obukhosi agqamile abezokweseka iSilo kwakungowake waba ngumkhuzi wamasosha akwaZulu uMntwana uVanana Zulu kanye nowayengumkhulumeli weSilo uMntwana uSimphiwe Zulu wasesigodlweni saKwaMinyamanzi.

Abezombangazwe abebehambele umcimbi kubalwa umholi we-EFF uJulius Malema noNdunankulu waseGauteng uPanyaza Lesufi. Okhulumela uQueen Myeni, uVuyolwethu Sibiya uthe, bajabule kakhulu ngokuthi umshado uqhubeke kahle njengoba bebehlelile. Umshado uqale ngo-1 emini. Uhlelo lalo mgcagco beluphethwe yiNazareth Baptist Church, Isilo noMaMyeni babe sebenza izifungo phambi kwesixuku sabantu ababalelwa ku-1 000.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *