Osezakhele udumo ngezinkulumo ezakhayo Brian Smile The Motivational Speaker

UBrian Ngcobo odume ngo-Brian Smile The Motivational Speaker lensizwa yazalelwa eMlazi yakhulela kuyo lendawo uqale imfundo yamabanga aphansi eMbalasi Primary School wadlulela eNkonkoni Primary School wase eya-ENaleni High School wabe esephothula umatikuletsheni eWoodhurst Secondary School.

Ngonyaka ka-1998 ube eseqala enza izifundo zokusakaza wase ejoyina umsakazo onomlando Durban Youth Radio 105.1, waqala ophikweni lwezindaba waze wagcina esenguMdidiyeli wezinhlelo akagcinanga lapho ube esegixabezwa ngesikhundla sokuba Music Manager. Onyakeni olandela lowo ubese esethola ithuba lokuba umshayeli wohlelo lwantambama phakathi nesonto olwalenziwa Mzokoloko. Wakubamba lelohlelo kwanyaka iKwaZulu-Natal yonkana. Kuhambe isikhathi lapho umsakazo uvalwa wabe esethi khumu kwezokusakaza. Ngonyaka ka-2012 uqale wenza izinkulumo ezakhayo ekhasini lakho laku Facebook, iningi lakuthokozela lokho imisakazo yayisimubiza nsukuzonke idinga azokwelapha imiphefumulo yabantu uqhubeke njalo waze kwaba ukuthi usetholakala emsakazweni eyevile kweyishumi kuleli lika Mthaniya.

Imisakazo atholakala  kuyo singaba Alex FM 89.1 ezinze EGOLI  ngoMgqibelo ngo-12:35 emini Mkhondo FM 96.8  eMpumalanga ngoMsombuluko kuyakulwesine ngo 06:50 ekuseni , Intokozo FM 101.2 ezinze enxanxathela yezitolo zase Mlazi Mega City ngoMsombuluko- kulwesine ngo-05:40 ekuseni. Kuneqembu elenza umculo ka Maskandi Abangqongqozi limupikile engomeni yabo ezophuma maduze ethi Bekezela ngokunjalo naye ubhizi estudio beno Stokofela bahlanganisa EP abazoyikhipha maduze nje kule EP lensizwa idedela motivation enamandla kuboshelwe izihloko ezehlukene nezinhlobo ezehlukene zomculo.

Kusukela kwi Gospel,  Afropop, Maskandi njalo njalo kulabo abamudingayo WhatsApp/Call: 063 9167 570. Tiktok: briansmilethespesker13, YouTube channel: BrianSmile Ngcobo , Facebook: Brian Smile The Motivational Speaker and a life coach naku-Email: briansmilengcobo@gmail.com.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *