Uphiko lwabesifazane eqenjini le-IFP E-KZN liyakweseka ukuvalwa kwezwe okumenyezelwe yinhlangano I-Women For Change

SHEILA MHLONGO

Uphiko lwabesifazane eqenjini  Inkatha Freedom Party esifundazweni iKwaZulu-Natal limemezele ukuthi liyakweseka ukuvalwa kwezwe okuhlelwe yinhlangano I Women for Change. Lenhlangano yenze lesi simemezelo ngenhloso yokuthi ifuna  uhulumeni ahlonze udlame lokubulawa kwabantu ngenxa yobulili babo kuhlonzwe njengenhlekelele sekuyiminyaka uhulumeni kanye nezinhlaka ezahlukene beqhuba imikhankaso namamashi kuliwa nobugebengu obubhekiswe kwabesifazane nokho, le mizamo  ayikatheli izithelo ezibonakalayo.

Imphumela yocwaningo olwenziwe abakwa Stats SA iveza ukuthi, cishe u-50% wazo zonke izigameko zokushaywa kwabesifazane zenziwa abantu ababaziyo nokuyizinkomba zobunzima obubhekene nabesifazane. Njengendlela yokukhombisa ukweseka lomkhankazo amalungu e-IFPWB asheshe aphuma emsebenzini ukuze ukungabikhona kwabesifazane emsebenzini kuzwele emnothweni. Abesifazane bagqoke izimpahla ezimnyama ukuhlonipha abesifazane ababulawa nsuku zonke eNingizimu Afrika.

Njenge-IFP, imigomo yethu nomqulu wethu wezethembiso zokhetho ukubeka ngokusobala ukuthi sifuna kuthathwe izinyathelo ezinqala ukuze kuvikelwe abesifazane, izingane nabantu abangenawo amandla okuzivikela. Siyaqhubeka nokugqugquzela  ukuthi kube nezinkantolo ezikhethekile ezizobhekana ngqo naloludlame olubhekiswe kwabesifazane nokubulawa kwabo.

Abesifazane bakwaZulu-Natali bayakuthakasela ukuthi uNdunankulu walesifundazwe uMhlonishwa Thami Ntuli usekhaleni empini yokulwa nalesihlava. UNdunankulu uNtuli uzibambele mathupha, waba yingxenye yabantu abahambela umdeni ka-Ayabonga Mjilo owabulawa maqede wangcwatshwa emgodini ongajulile uphinde wagxeka umkhuba owenziwa abesifazane wokuhoxisa amacala okuhlukunyezwa asuke evuliwe.

Waveza nokukhathazeka ngokungaphothulwa kwamacala asuke esevuliwe.  Waphinda wagcizelea ukuthi amaphoyisa awaqinise uphenyo wakhuthaza umphakathi ukuthi ubike ubugebengu.  Ukuvikelwa kwabesifazane nezingane akufanele kugxilwe kukho  kuphela  ngezinsuku zomkhankaso waminyaka yonke we-16 Days of Activism. Kufanele kuliwe nalesihlava unyaka wonke isinsuku ezingu-365.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *