NOMTHANDAZO MAGOSO
I-Comrades Marathon Association (CMA) ikuqinisekisile ukuzibophezela kwayo kubagijimi ukuthi bonke abazongenela bazobuyiselwa imali yabo yokungena uma iComrades Marathon ikhanselwa ngenxa yesimo sezulu esibi noma esiguquguqukayo.
Ngokubambisana kwayo nababhali bayo bomshwalense, i-iTOO Special Risks, i-CMA ithole umshuwalense ophelele wokukhansela owaziwa nangokuthi i-Event Cancellation Cover ukuvikela bobabili ababambiqhaza kanye nenhlangano ekulahlekelweni okungaba khona okuvela ekukhanselweni okungalindelekile.
Njengomunye wemicimbi yezemidlalo ehamba phambili eNingizimu Afrika, iComrades Marathon idinga ukuhlela okuningi, ukuxhumana. Kodwa-ke, i-CMA iyaqaphela ukuthi izimo ezingaphezu kwamandla ayo njengesimo sezulu esibi kakhulu kwesinye isikhathi zingaphoqa ukukhanselwa noma ukushiywa komcimbi.

