Lengqungquthela ye-G20 ka-2025 ebiseGoli, eNingizimu Afrika, kusuka mhlaka-22-23 Novemba 2025. Le ngqungquthela ibalulekile njengoba bekungeyokuqala ye-G20 ebanjelwe e-Afrika futhi ihlanganise abameleli abavela emazweni abalelwa ku-20 eminotho emikhulukazi emhlabeni lapho sebebonke bamele cishe u-85% ezingxenyeni ezimbili kwezintathu zabantu emhlabeni jikelele.
Indikimba yale ngqungquthela ibigxile kakhulu kuSolidarity, Equality, and Sustainability bekudingidwa izindaba ezifana nokuguquguquka kwesimo sezulu kanye nokwesekwa kwamazwe asathuthuka.
Source: NOMTHANDAZO MAGOSO

