ZAMA MAJOLA
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMhlonishwa Thamsanqa Ntuli, usenxuse izakhamizi ukuthi ziziphathe kahle futhi zihlale ziqaphile ngesikhathi samaholidi azayo ukuze kuqinisekiswe ukuphepha esifundazweni sonke. UNdunankulu uNtuli wenze leli khwelo ngesikhathi kwethulwa Inyanga Yezokuphepha kanye Nohlelo Lwezokuphepha Lwesikhathi Samaholidi, echaza isu laKwaZulu-Natal eliphelele lokuvikela impilo, impahla kanye nokuziphilisa ngesikhathi samaholidi. Ekhuluma emcimbini wokwethula, obuseThekwini mhla zingu-30 ku-Okthoba 2025 uNtuli uthe, isikhathi samaholidi simele isikhathi senjabulo nethuba elibalulekile lezomnotho, njengoba isifundazwe silindele ukwamukela izivakashi ezingaphezu kwezigidi ezimbili futhi singenise imali elinganiselwa ku-R13 billion kwezomnotho.
“Umnotho wesifundazwe oqhutshwa ezokuvakasha uncike emiphakathini ephephile, imigwaqo evikelekile kanye nezakhamuzi ezithobela umthetho. Ukuchuma nokuphepha akuhlukaniseki. “Asikwazi ukwakha umkhakha wezokuvakasha ophumelelayo noma siqhubekisele phambili ukukhula komnotho ngaphandle kokuqinisekisa ukuthi imiphakathi yethu, izivakashi kanye nemigwaqo iphephile,” kusho uNtuli. UNdunankulu ukhumbuze izakhamizi ukuthi isikhathi samaholidi sivame ukuletha ukwanda kwezingozi zomgwaqo kanye nobugebengu, ucele zonke izakhamizi ukuthi zibambe iqhaza futhi ziqaphele.

