SHEILA MHLONGO
UNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu. Thulasizwe Buthelezi, ubongele iNkosi ebeyigcotshwa eSilo waphinde wabonga namaKhosi angaphezulu kuka-20 abephume ngobuningi bawo ezokweseka uzakwabo. Umcimbi wokugcotshwa kweNkosi uMbuso Praisegod Ngcobo, ububanjelwe eMgangeni lapho iSilo samaBandla onke bekuyiso ebesengamele lomsebenzi.
“ISilo silapha ukuzophelelisa umsebenzi okuyiso kuphela esikwazi ukuwenza wokugcoba amaKhosi. Silapha esiFundeni UGU namhlanje kanti esontweni eledlule besihlangene eMgungundlovu lapho bekucelwa khona ukuthi kube noMkhosi ozobakhona njalo ngonyaka ozohanjelwa yiSilo ngoba zonke iziFunda ngezeSilo. “Usuku lwanamhlanje kudala kwaqalwa ukuthi lulungiselelwe njengoba onyakeni odlule INkosi Mbuso kaBhekamazulu uye kokwenzelwa usiko lokuthela amanzi onyakeni odlule njengoCogta, bazoqhubeka nokweseka amakhosi ukuba ahole isizwe ngobuqotho, njengoba iSilo silapha namhlanje sizoshiya izinhlanhla kulesi Sizwe nabebefisa ukuganwa bazoganwa abafisa imisebenzi bazombulekelwa yinhlanhla yabo bathole imisebenzi,” kusho uShenge.
Uqhube wathi, INkosi Ngcobo kudala yaqala ukwenza imisebenzi yeSizwe njengoba ephinde abe nguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu oGwini kwazise ithathe isihlalo soBukhosi ngonyaka ka-2014. “Namhlanje sizozibophezela ukuthi njengoHulumeni noma ikuphi lapho iSilo esiyakhona sihambela Amakhosi sizobe sikhona ukusiphelezela,” kusho uShenge. Sesethula inkulumo yaso iSilo, sithe isizwe sasemaNyusweni sesikhululekile manje sesizokwehlelwa nayizibusiso ngoba konke okweNkosi sekuphelelisiwe. Unxuse uNgqongqoshe wakwaCogta ukuba izinto zamakhosi zenziwe ngokuphuthuma. “Kubaluleke kakhulu Makhosi aseNdlunkulu ukuthi uma senza umsebenzi onjengalona nibekhona nizoqinisa iNkosi esuke izogcotshwa njengoba nenza nakumina ngesikhathi ngibekwa niyazi ukuthi lomsebenzi esikuwo unzima ngoba kawufundelwa kufana nokuba yisangoma ukhonjwa emazulwini ngakhoke kubalulekile ukuthi sesekane ngoba siyashisa lesi sihlalo,” kusho iSilo.
“Ngithokozela kakhulu ithuba ukuma phambi kweNgonyama ngiyabonga kuwona wonke Amakhosi aphume ngobuningi bawo abangofakazi namhlanje bokuthi iNgonyama yafika kulesi Sizwe yazothi mangiqhubeke nomsebenzi woBukhosi ukufika kweNgonyama namhlanje kuhlanganise nomndeni obusuhlukene phakathi kusukela ngihlalile esihlalweni. Mama wami MaCele ziqhenye namhlanje ngalolu suku olubaluleke kangaka. Ngiyabonga nakuNdlunkulu wami uMaMdladla ngokungeseka naye ngithi makaziqhenye ngalolu suku. Ngiyabonga nakunina sizwe sasemaNyusweni ngokungeseka kwenu,” kusho INkosi Ngcobo ngemuva kokugcotshwa.

