UMasipala weTheku unxusa izakhamizi ukuthi zihlale ziqaphile njengoba abeSouth African Weather Service bekhiphe isexwayiso sokuduma kwezulu oku-Level 4 

Izibikezelo zikhomba izihlambi ezisabalele kanye nokuduma kwezulu okunamandla ezindaweni eziningi KwaZulu-Natal, nezimo ezingase zihlanganise izimvula ezinamandla, umbani omningi, umoya olimazayo nesichotho nezikhukhula.

Izakhamizi ezihlala ezindaweni ezikhahlanyezwe izikhukhula ziyanxuswa ukuthi ziqaphele ukuze zizivikele kanye nemindeni yazo. Abashayeli bezimoto bayanxuswa ukuthi bashayele ngokucophelela kanjalo nomphakathi welulekwa kakhulu ukuthi uhlale ezindlini ugweme ukuhamba okungenasidingo niqaphele ukuwela imifula.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *