ZAMA MAJOLA
Inkantolo yomthethosisekelo imemezele ukuthi amadoda asenelungelo ngokomthetho lokuthatha izibongo zamakhosikazi awo. Lesi sinqumo esiyingqopha-mlando sikhombise isinyathelo esikhulu sokuthuthukisa ukulingana ngokobulili. Lokhu kuza ngemuva kokuthi izithandani ezimbili ziphonsele inselelo uMnyango wezaseKhaya ngokunqaba ukubhalisa izibongo ezizikhethile. Inkantolo ithole ukuthi iSigaba 26(1)(a)–(c) soMthetho Wokubhaliswa kwezitifiketi zokuzalwa nezokushona, olawula ukushintshwa kwezibongo zabesifazane, sephula iSigaba 9(1) kanye no-9(3) soMthethosisekelo, esiqinisekisa ukulingana futhi esivimbela ukucwasa ngendlela engafanele.
Nakuba lesi sinqumo sivumela amadoda ukuba athathe izibongo zamakhosikazi awo kodwa asiwaphoqi ukuba enze kanjalo.”Uhlaka lalo mthetho lukhombise ukuthi ukungalingani ngokobulili sekuphelelwe yisikhathi futhi sekungasenayo indawo emphakathini wentando yeningi nolinganayo,” kusho isahlulelo.
Amadoda manje angathatha izibongo zamakhosikazi awo ngaso lesi sikhathi, nangaphambi kokuba iPhalamende libuyekeze umthetho. IPhalamende linezinyanga ezingu-24 zokuchibiyela umthetho ukuze uhambisane nalesi sinqumo. Abameli bamalungelo obulili babone lokhu njengokunqoba okukhulu kokulingana.

