URamaphosa uqhakambise ukubaluleka kwamaPhini oNgqongqoshe

ZAMA MAJOLA

UMengameli uCyril Ramaphosa uvikele amaPhini oNgqongqoshe baseNingizimu Afrika, egcizelela ukuthi abamba iqhaza elibalulekile ekusizeni ongqongqoshe benze imisebenzi yabo ngempumelelo. Ngesikhathi uRamaphosa ebuzwa mibuzo ePhalamende likazwelonke, waveza ukuthi amaphini ongqongqoshe amaningi ayasukumela phezulu uma edingakala futhi enza okuphusile.

 adlala nendima enkulu ekubuseni. Uncome ukusebenzisana kwabo nozakwabo ongqongqoshe wathi izikhundla zabo zivame ukuba yinkundla yokuziqeqeshela ukuba ngongqongqoshe esikhathini esizayo.

Ubukhulu beKhabhinethi yaseNingizimu Afrika buye bavusa amadlingozi, ikakhulukazi ngemva kokhetho lwango-2024. Izindleko zoNgqongqoshe namaPhini oNgqongqoshe ngo-2025/26 zingu R239 izigidi, ezihlanganisa amaholo, abasebenzi, izimoto, nezinye izinsiza. URamaphosa uchaze ukuthi nakuba yena ethanda izikhulu ezincane, uHulumeni Wobumbano Lwesizwe (GNU) udinga iKhabhinethi enkudlwana ukuze ibhekelele zonke izinhlangothi. Ugcizelele ukuthi amaPhini oNgqongqoshe abalulekile ezingxoxweni zenqubomgomo, ekubhalweni kwemithetho, kanye nokuqinisekisa ukuthi ukusebenza kukahulumeni kuhamba kahle.

Ngesikhathi ebuzwa ngokweseka umthethosivivinywa we-ActionSA wokukhipha amaphini ongqongqoshe, uRamaphosa uthe uzobuyekeza umthethosivivinywa kuqala. Ukuvumile ukukhathazeka ngobukhulu bezikhulu kodwa wathi amaphini ongqongqoshe akhona asebenza ngendlela encomekayo.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *