ZAMA MAJOLA
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (CoGTA), uVelenkosini Hlabisa, usenikeze ngokusemthethweni umsebenzi osuphothuliwe wohlelo lokuhlinzeka ngamanzi i-Ekuvukeni Water Supply Project kuMasipala wendawo i-Alfred Duma KwaZulu-Natal. Ekhuluma namalungu omphakathi, abaholi bendabuko kanye nezinhlaka zikahulumeni e-Ekuvukeni Sportsfield ngesikhathi sokunikezelwa kwempahla, uHlabisa ugcizelele ukubaluleka kwamanzi kumthethosisekelo njengelungelo lomuntu eliyisisekelo.
“ISigaba 27 soMthethosivivinywa Wamalungelo siyaqinisekisa ukuthi wonke umuntu waseNingizimu Afrika unelungelo lokuthola amanzi anele. Leli lungelo ngeke kuxoxwe ngalo. Kuyilungelo lomuntu okufanele uhulumeni alilethe,” esho. Uhlelo Lokuhlinzeka Ngamanzi Ekuvukeni oluqaliswe yi-Municipal Infrastructure Support Agent (MISA) oluxhaswe i-Municipal Infrastructure Grant (MIG), luyingqophamlando enkulu ekuxazululeni izinselelo zengqalasizinda yamanzi osekunesikhathi eside zikhona kuWadi 30 kuya ku-36 kuMasipala wase-Alfred Duma.
Lolu hlelo luhlomulisa amakhaya angaphezu kuka-14 500, lufinyelele kubantu ababalelwa ku-75 655. UHlabisa unikeze isifinyezo semisebenzi ephothuliwe, ehlanganisa ukufakwa kwamapayipi amakhulu angaphezu kuka-1.5 km kanye no-8.4 km wamapayipi okuxhumanisa. Ngaphezu kwalokho, kwafakwa ama-valve angu-52 kanye namapayipi ompompi omphakathi angu-25. Le phrojekthi iphinde yabandakanya ukulungiswa kancane kwe-Oliphantskop Water Treatment Works kanye ne-Petronella Booster Pump Station, kanye nethangi elingu-8 (ML) kwakhiwa ukuze kuthuthukiswe umthamo wokugcina amanzi. Uphinde wagqamisa umthelela wenhlalonhle yezomnotho walolu hlelo, okuhlanganisa nokuqashwa kwabasebenzi basekhaya abangu-32, okugxilwe kakhulu entsheni nabesifazane kanye nokuqokwa kosonkontileka abayisishiyagalombili bendawo ngeKomidi Eliqondisayo Lomklamo, abanezinkontileka ezedlula izigidi ezi-R6.1.
UNgqongqoshe uphinde wamemezela ukufakwa kwamapayipi ompompi omphakathi ezikoleni nasezigodini, nokwenza ngcono ukutholakala kwamanzi ahlanzekile. “Lolu hlelo akulona olwamapayipi namaphampu kuphela kodwa luthinta abantu,” kusho uHlabisa”. Ugcizelele nokuthi ogogo base-Uitval ngeke besahamba amakhilomitha ukuyokha amanzi, kanti nezingane zase-Etholeni sezizofunda nemifaniswano ehlanzekile nempilo engcono.

