UMbalula unxuse amakhansela e-ANC ukuthi abonakale emiphakathini

ZAMA MAJOLA

UNobhala-Jikelele we-African National Congress (ANC), uFikile Mbalula, uhole umhlangano wokubuyisa umbiko namaKhansela. UMnu. Mbalula ube eseyalela amakhansela ukuthi adlale indima yawo ekwenzeni ngcono izinsiza emiphakathini yawo. UMbalula uthe amakhansela aseyiphuzu lokuqala lokuhlaba ikhwelo emiphakathini futhi kumele ahlale ebonakala ekusingatheni izikhalo zabantu.

 “Eqinisweni bakwethu kunabantu abanye babo selokhu babekwa ezikhundleni abakaze bawubize umhlangano womphakathi, awusoze waphumelela uma ungahlangani nabantu”. UMbalula ukuvumile ukuthi muva nje izinto azenziwa ngendlela kodwa wagqamisa imizamo abazoyenza yokuqeqesha amakhansela. “Sikuvumile ukungenzi kahle kwethu, sizobhekana nalokho, sesiqalile sawaqeqesha amakhansela ethu futhi amaningi awo aseqalile enza kahle”. UMbalula uphinde wavikela amazwi kaRamaphosa mayelana nokucwaningwa kwamabhuku komasipala. Emasontweni adlule uRamaphosa utshele amakhansela ukuthi omasipala abangaphansi kweDemocratic Alliance (DA) benza kangcono emibikweni yoMcwaningi Mabhuku Jikelele. UMbalula uthe umengameli ubengayincomi iDA kodwa ubeqhakambisa imiphumela yocwaningomabhuku.  “Abantu bazolilandela iqiniso yilokho okubalulekile kuthina, simatasatasa nokubizelwa kwabantu abazosimela, uma abantu befuna ukubhekana ne-ANC mabakhulume ngezindaba zangempela nezibambekayo, uquqaba lukuqonda kahle ukuthi uMengameli ukhuluma ngani.

Okubalulekile kubona ukuthi senze izinto esizibekele zona ngokwezinhlelo zethu zokusebenza. Uma uMengameli engasho ukuthi omasipala abaholwa yi-ANC baphethwe kahle kakhulu ngokombiko kaMcwaningi Mabhuku, nabo bebezoveza ubufakazi obufanayo bokuthi uRamaphosa akakhulumi iqiniso,” usho kanje. Ube esenxusa amakhansela ukuthi asondelane nemiphakathi ukuze ezoqiniseka ukuthi ayazazi zonke izikhalo kanye nezidingo zayo, lokho okuzosiza ekutheni konke kwenziwe ngendlela ukuze kusizakale futhi kujabule abantu abasebenza ngabo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *