Abezenkolo-(South African Church Defenders) bebehlanganyele ngobiningi e-Union Building

SHEILA MHLONGO

Abezenkolo-(South African Church Defenders)  batheleke ngobuningi babo e-Union Building  emva kokuhlongozwa koku Regulator ezenkolo, Abe South African Church Defenders benze i March beyozwakalisa ukungenami ngaloluhlelo lwe CRL Commission ikakhulukazi njengoba usihlalo wayo  umama Xaluva ekhulume amazwi athi” Ayikho lento yokuxoxa nonkulunkulu bonke laba abathi baxoxa nonkulunkulu kumele basiwe ezindaweni zabagulayo”.

Isifundisi esivela kuma Provinces ahlukene sishaye phansi ngonyawo ukuthi ngeke bavumele i-CRL Commission kanye nosihlalo wayo  nekomidi lakhona elisanda kukhethwa ukuba lilawule inkolo, I South African Church Defenders ibe isinxusa uhulumeni ukuba angenelele akhiphe uSihlalo we CRL Commission- Xaluva Mkhwanazi ngesenzo sakhe sokudelela ezenkolo nokungahlonipha amalungelo ezenkolo.

Owe South African Church Defenders Amajuba District Umfundisi Kunene  uthe,  “Luselude uhambo ngeke kuphunyulwe waphinde wagqugquzela wonke ama District ase KZN ukuba alusukumele loludaba futhi babe yingxenye ye South African Church Defenders.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *