ZAMA MAJOLA
ILifesaving SA inxenxa abazali ukuthi bagade izingane ngesikhathi samaholidi. Lokhu kulandele emuva kokuminza kwengane eneminyaka emibili edamini eThekwini, eMbilo.
U-Dhaya Sewduth wale nhlangano usenxuse abazali nabagcini bezingane ukuthi bagade izingane zabo eduze kwamanzi. Uxwayise ngokuthi izingane ezincane zivame ukushiywa zingagadiwe. “Izingane zithanda ukwazi ngokwemvelo, zizophuma ziyohlola. Ezweni lethu, ayikho imithetho kamasipala egcizelela ukuthi kubiyelwe amachibi. Uma ubheka amanye amazwe anjenge-Australia, ayazenza lezi zincomo ngoba lezo ngokuqinisekile zingaba isithiyo enganeni ezihambela yodwa. Izindleko zokuphila azinakulinganiswa” esho.
USewduth uthi ukufunda ukubhukuda kumele kubonakale njengekhono elibalulekile empilweni. “Ngicabanga ukuthi ingane eneminyaka engaba mibili kufanele ibe ndala ngokwanele ukuze ikwazi ukulandela imiyalelo nokufunda okufanele ikwenze. Izingane zethu zivame ukumema abangani bazo futhi ngokuvamile, akekho obuza ukuthi ziyakwazi yini ukubhukuda”usho kanje.
Wengeze ngokuthi njengoba kuza amaholidi kaDisemba abazali abaqinisekise ukuthi bazigada ngokwanele izingane zabo ezindaweni zokubhukuda, kanye kubalulekile nokuthi zifundiswe ukubhukuda zisencane.

