ONGEZIWE NTONDINI
Umphakathi waseMlazi ukhombise intokozo enkulu ngemuva kokukhethwa kwekomidi elisha le-Community Policing Forum (CPF) ngesikhathi se-Annual General Meeting (AGM) ebibanjelwe eMaweleni Cinema Hall kwa-W. Lenhlangano ibalulekile ekwakheni ukubambisana phakathi kwamaphoyisa nomphakathi ngenhloso yokulwa nobugebengu, ukwakha ukuphepha kanye nokwakha umphakathi ozwana nabaphathi bezokuphepha.
Ikhomidi elisha le-CPF lakhethwe ngokusemthethweni linezikhundla eziyisishiyagalolunye ezisemqoka: Usihlalo: Mnu. Sibusiso Mazibuko, Usekela Sihlalo: Nkk. Sunshine Mbele, Unobhala: Mnu. Bayanda Gumbi, Usekela Nobhala: Nkk. Omhle Mbambi, Umphathi Wezimali: Mnu. P.K. Msomi, Umxhumanisi Wezobudlelwano Nomphakathi (PRO): Nkk. Amanda Zindela, Ilungu Elengeziwe: Mnu. Nhlanhla Zulu, Ilungu Elengeziwe: Mnu. Mare Sokhela, Ilungu Elengeziwe: Nkk. Bulelwa Dumisa.
UMnu. Sibusiso Mazibuko, onguSihlalo omusha, uthe iqembu lakhe lizosebenzisana eduze namaphoyisa aseMlazi, izinhlangano zomphakathi kanye nezinhlangano zentsha ukuze kuncishiswe izinga lobugebengu endaweni. “Umphakathi kufanele ube yingxenye yomzabalazo wokulwa nobugebengu ukuphepha akuyona indaba yamaphoyisa kuphela kodwa yethu sonke,” kusho uMazibuko.
Amaphoyisa aseMlazi aphinde agcizelela ukubaluleka kokusebenza ngokubambisana, ethi ama-CPF ayithuluzi elisemqoka ekuhlanganiseni ulwazi, ukuvimbela ubugebengu nokuletha ukuthula emiphakathini.
Kuzokhunjulwa ukuthi ama-Community Policing Forums asekwa nguMnyango Wezobulungiswa Nokuphepha (Department of Community Safety) njengengxenye yezinhlelo zokubandakanya umphakathi ekwakheni ukuphepha okuqhubekayo.

