UHaniff Hoosen we-DA oqokelwe esobumeya ufunge ngokuthi uzokwakha kabusha iTheku

ZAMA MAJOLA

I-DA isimemezele lowo owayeyilungu lePhalamende, uHaniff Hoosen, njengozomela iTheku okhethweni lohulumeni basekhaya ngonyaka ozayo. Ukuphakanyiswa kwamagama kudalulwe ngumholi weqembu uJohn Steenhuisen ehholo lomphakathi eHeavenside eChatsworth. Uthe uHoosen uza nesipiliyoni ebuholini basekhaya nobukazwelonke, useke waba ngusihlalo weqembu esifundazweni iminyaka eyisishiyagalombili ngaphambi kokuchitha iminyaka engu-17 njengelungu lePhalamende, kwaze kwaba ngu-2024.

Uke waba yikhansela futhi waba yilungu lesigungu esiphezulu eThekwini. “Uyindoda eyaziyo  umholi onolwazi, isipiliyoni nesibindi sokwakha kabusha leli dolobha,” usho kanje.  “Ngaphansi kobuholi bakhe, sizobuyisa isithunzi ezindaweni esihlala kuzo, sitshale imali emalokishini ethu, sikhanyise imigwaqo yethu, silungise amapayipi ethu amanzi kanye nendle, senze leli dolobha lisebenzele bonke abantu balo – hhayi abantu bangaphakathi kuphela. Enkulumeni yakhe yokwamukela ukuqokwa, uHoosen ufunge ukuthi kuzoba nempi yenkohlakalo. “Ezinsukwini ezimbalwa zokuqala sithatha leli dolobha, sizongena nomshanelo omusha ukuqeda inkohlakalo nokuvala nompompi kulawo maqola asuke entshontshe imali yethu,” usho kanje. Uphinde wathembisa ukuguqula uhulumeni nomnotho wedolobha kanye nokuqondisa lezo zimali ekulethweni kwezidingongqangi.  “Ezinsukwini ezimbalwa zokuqala sithatha idolobha, sizoqala uhlelo lokunciphisa imfucuza futhi senze impilo ibe lula futhi ifinyeleleke kalula kubantu basedolobheni”usho kanje.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *