ZAMA MAJOLA
I-Ejensi Kazwelonke Yokuthuthukiswa Kwentsha yethule Isikhwama Sikazwelonke Sentsha sika-R2.5 billion ukuze kuliwe nokuntuleka kwemisebenzi. Lesi simemezelo senziwe kwi-Youth Investment Indaba eGoli. IPhini likaSihlalo wale nhlangano, uMnu. Bonga Makhanya, uthe ukutshalwa kwezimali kulesi sikhwama kuzotholakala kulelizwe. Ngokusho kukaMakhaya lokhu kuzovumela lenhlangano ukuthi ixhase ukutshalwa kwezimali okukhulu. Uthe inhloso wukweseka amabhizinisi asimeme emikhakheni ebalulekile okubalwa eyezimayini, ezolimo kanye nezokukhiqiza. “Siqale umkhankaso wethu wokuheha abatshalizimali bakuleli nabakwamanye amazwe ukuthi bangene eNingizimu Afrika, ikakhulukazi entsheni efuna ukuba neqhaza elibalulekile emikhakheni yamasu omnotho.
Njengoba i-NYDA inebhodi elisha, sizoqhuba leyo ndlela futhi siqhube lelo qhinga elisha lokuqinisekisa ukuthi abantu abasha manje bayakhushulwa ngokohlobo lokwesekwa nosizo olutholwa ku-NYDA” kusho uMakhanya. UNgqongqoshe wezeziMali nokuThuthukiswa koMnotho, uLebogang Maile, uthembise ukuthi isifundazwe sizoseseka ngokugcwele lesi sikhwama esisanda kumenyezelwa. Uthe isifundazwe sizosebenzisana noMgcinimafa kuzwelonke kanye ne-NYDA ukwakha izinhlaka zokubusa ngendlela ephumelelayo futhi wacela nezinkampani ezizimele ukuthi zitshale izimali ngokubambisana.

