I-Playhouse Company yethula uMgubho KaKhisimusi e-Playhouse Opera Theatre ozoba ngoMgqibelo, mhlaka-20 Disemba 2025, kusuka ngo-15h00. Kuzobe kukhona abaculi abadumile ukuzojabulisa abantu abehlukene.
Lekhonsathi ihlanganisa izingwazi zomculo ezihlonishwa kakhulu eNingizimu Afrika, ukubala abambalwa u-Ayanda Ntanzi, uDon Laka, uTimothy Moloi, i-Playhouse Chorale, iKZN Philharmonic Orchestra kanye neKwaya Yezingane. Bazobe bememyezwa u-MC Stacey Norman, kuzobe kuxutshwe izingoma zakudala zikaKhisimusi ezithandwayo nezintandokazi ze-soulful gospel kunandise uNkululeko Khumalo kanye noSthembile Ndwalane. Njengoba sazi u-Ayanda Ntanzi usezakhele igama njengelinye lamazwi evangeli elinamandla eNingizimu Afrika. Njengoba ephume nenqwaba yezindondo, okuhlanganisa necwecwe elihlonishwayo elithi: “Grace upon Grace” nengoma yakhe ayicula bukhoma ethi: “Priestly Worship” ePlayhouse, uNtanzi usaqhubeka nokuthinta izinhliziyo ngezingoma ezifana nethi: “Ngiyathandwa, Wena Jesu nethi Nasempini”. Inkonzo yakhe yomculo, esekelwe okholweni nasekuzinikeleni, ithembisa ukusebenza okujulile ngokomoya nokushukumisa imiphefumulo.
Ingqalabutho emculweni, uDon Laka Pioneering Composer,producer, multi-instrumentalist kwiKwaai-Jazz, inhlanganisela yesigqi sakudala, isiMarabi, kwela nesi-Afrika. Useneminyaka engaphezu kuka-15 ekulendima uke wasebenzisana nezingqalabutho ezifana noBrenda Fassie, uHugh Masekela, uSipho Gumede noRay Phiri kanye nokuzimisela kwezobuciko wazuza nama-albhamu e-platinum. UTimothy Moloi, owaziwa ngokucula okuhlanganisa nomcimbi wokuvulwa kweNdebe Yomhlaba ye-FIFA ka-2010. Lomdlalo uqondiswe nguRalph Lawson, ovelele emdlalweni weshashalazi waseNingizimu Afrika. Njengoba esesebenze iminyaka engaphezu kuka-15,uqondise imisebenzi emikhulu ehlanganisa i-My Fair Lady, i-The Sound of Music ne-West Side Story ye-Playhouse Company kanye nezindondo eziningi.
“UMgubho KaKhisimusi uzohlanganisa abantu ngomculo othandwa abantu bonke ongakhethe bala lamuntu” kusho uRalph Lawson, uMqondisi. “Amathikithi abiza u-R200 – R250 ayatholakala kuma-Webtickets, ukubhukha kusenesikhathi kunconywa kakhulu ngale ndlela yamaholidi engasoze yalibaleka, hlanganyela nathi e-Playhouse Company” ephetha.

