Asiqaphele amaqola ezinkundleni zokuxhumana kulesikhathi samaholidi

Sanibona sizwe sakithi nasi isexwayiso esiphuthumayo, sesibheke esikhathini esibi samaholidi kakhisimuzi niqaphele amaqola ezinkundleni zokuxhumana, ikakhulu laba abathanda ukuthenga izingubo zokugqoka ezinkundleni zokuxhumana qaphelani bo! adlangile amaqola achithekise okwesanti.

Ungakayithumeli imali qala uqinisekise ukuthi loyo muntu ungamethemba, ziningi izindlela ongabekisa ngazo ukuthi ungamtholakanjani uma ekugila. Owami umbono ngingathi ungasebenzisi noma ngubani omthola ezinkundleni zokuxhumana kodwa bheka ohlezi ekhona njalo onezinye izinto azenzayo ngaphandle kokudayisa izingubo loyo uzokwazi ukumthola. Vukani bakithi unganikezi omunye umuntu ukhisimuzi ungazimisele bese wena usale udonsa kanzima.

Obhalayo uKatlego Nare.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *