Umnyango wezeMfundo uqale isigaba sesibili sohlelo lokuqinisekisa abasebenzi

ZAMA MAJOLA

UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal usuqale isigaba sesibili sohlelo lokuqinisekisa abasebenzi. UMnyango ubale wonke umuntu ukuze uqinisekise ukuthi kukhokhelwa abasebenzi abasemthethweni kuphela futhi kuqedwe nezisebenzi eziyizipoki.

Amathimba omnyango ahambele izifunda ezahlukene esifundazweni ukuyoqinisekisa izikhulu zesifunda nabasebenzi. Oyi-Chief Financial Officer eKZN, uYali Joyi uthe, isigaba sokuqala salolu hlelo sigxile kubafundi nothisha ezikoleni. “Lesi sigaba sesibili yilabo basebenzi abasebenza emahhovisi, kuyaphawuleka ngoba uma ubheka uMnyango wezeMfundo uthwele kanzima, uma ubheka indlela esisebenzisa ngayo imali yethu isuke ibheke ekukhokheleni abasebenzi kanti uma ubheka isabelomali sethu sonke sika-66 billion werenti, u-89% walesi sabelomali uhambisana nokukhokhelwa kwabasebenzi” kusho yena. IPhini likaMqondisi-Jikelele oPhikweni lokuPhathwa kweKharikhulamu nokuDluliselwa kweMfundo uMnu. Mbongiseni Mazibuko naye uqinisekisiwe.

“Okwesibili-ke sizobe sesivumela ozakwethu ukuthi bethule noma yiziphi izizathu ezibhalwe phansi ngokwezincwadi ezibasekayo zokuthi kungani bengakwazi ukuba lapha kodwa uma kwenzeka kukhona okusolwa ukuthi bayizipoki, sizobe sesidlulisela udaba kuNhloko yoMnyango sisebenzisa abaphathi bethu babasebenzi” engeza. Bagcizelele ukuthi lokhu kuzosiza ukonga izimali zomnyango kuphinde kuxoshwe nalabo abebehola ngokungemthetho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *