I-KZN Society for the Blind ithi abantu abayizimpumputhe nabangaboni kahle basengozini enkulu esifundazweni sethu

ZAMA MAJOLA

UMnu. Bheki Jele wenhlangano i-KZN Society for the Blind uthe kusalokhu kuyizinselelo ezinkulu udlame olubhekiswe kubulili, ukulinganiselwa kwemfundo ukuntuleka kwemisebenzi kanye nokuqinisekisa ukuthi abantu abakhubazekile abahlukunyezwa.

Sigubha inyanga yokuqwashisa ngamalungelo abantu abakhubazekile kusukela ngomhlaka-3 Novemba kuya kuDisemba 3, okuhloswe ngayo ukuthuthukisa amalungelo abantu abakhubazekile kanye nokubekela inselele imibono eyiphutha mayelana nokukhubazeka. UJele uthe nakuba lesisikhathi kuhloswe ngaso ukuthuthukisa abantu abaphila nokukhubazeka, luselude ukhalo kubantu abangaboni. “Sinezimo lapho abesifazane abangaboni behlukunyezwa abantu abathandana nabo. Bese kuthi uma umuntu ongaboni eyobika emaphoyiseni ethi, ngidlwenguliwe, umbuzo wokuqala uzothi, ungamkhomba lowo muntu? inkinga yokuqala leyo.

Ungamkhomba kanjani ngoba uyimpumputhe. Ebese kuthi nasemndenini uqobo, ukucwaswa kufinyelele ezingeni lokuthi abanye abangaboni bavele bangabonwa nayimindeni yabo,” kusho uJele. UJele uthi eziningi zalezi zinkinga zingalungiswa ngemfundo efanele engasiza abantu abangaboni ukuthi bazimele.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *