Izibikezelo zikhomba izihlambi ezisabalele kanye nokuduma kwezulu okunamandla ezindaweni eziningi KwaZulu-Natal, nezimo ezingase zihlanganise izimvula ezinamandla, umbani omningi, umoya olimazayo nesichotho nezikhukhula.
Izakhamizi ezihlala ezindaweni ezikhahlanyezwe izikhukhula ziyanxuswa ukuthi ziqaphele ukuze zizivikele kanye nemindeni yazo. Abashayeli bezimoto bayanxuswa ukuthi bashayele ngokucophelela kanjalo nomphakathi welulekwa kakhulu ukuthi uhlale ezindlini ugweme ukuhamba okungenasidingo niqaphele ukuwela imifula.

