SHEILA MHLONGO
INyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN) ihlonipha abafundi abangu-9 586 emicimbini yayo yokuthweswa iziqu yaseKwindla eqhubeka kusukela mhla zizi-4 kuya zili-15 kuNhlaba 2026 ekhempasini yaseWestville eThekwini.
Kubafundi abangu-9 586 abathweswayo, abangu-6 578 bangabafundi beziqu zokuqala kanti abangu-3 008 bangabafundi beziqu eziphakeme. Abesifazane bakha u-66% waleli qoqo labafundi futhi bahamba phambili ngezindondo zokuphumelela ngamalengiso, njengoba bethathe u-72% wabaphumelele nge-cum laude kanye no-73% wabaphumelele nge-summa cum laude.

Hope Khoza
IZINYEMBEZI ZENJABULO: UHope Khoza ubonakale echiphiza izinyembezi zenjabulo ngesikhathi ekhumbula ubunzima nezinselelo adlule kuzo ngaphambi kokuthola iziqu zakhe zeMasters of Social Science in Development Studies.
Umthwebuli wezithombe: Tisetso Nhlapo

Silungile noLungiswa Hlongwane
INJABULO EPHINDWE KABILI: Odade abangamawele afanayo, uSilungile noLungiswa Hlongwane, bathweswe iziqu zeBachelor of Social Work eNyuvesi yaKwaZulu-Natal. Laba dadewabo abahambe ndawonye kusukela esikoleni samabanga aphansi kuze kuyofika enyuvesi, bazibophezele ekusizeni imiphakathi enganakiwe.
Umthwebuli wezithombe: Sethu Dlamini

