U-Amina Jack, ubonge ukwesekwa  ngokwengqondo akuthole e-UKZN

Isithombe: U-Amina Jack uthi abantu abamesekayo yibo abamsizile ukuthi aphothule iziqu zeBachelor of Social Science Honours in Psychology.
Umthwebuli wezithombe: Yola Ndzabe

SHEILA MHLONGO

Umlingisi onethalente, u-Amina Jack, uncome ukwesekwa ngokwengqondo akuthole eNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN) ngesikhathi ethweswa iziqu zeBachelor of Social Science Honours in Psychology.

UJack, owaziwa kakhulu ngokudlala indawo kaThokozani emdlalweni kamabonakude othi Isibaya, uthe uhambo lwakhe lwezemfundo belunezikhathi ezinzima ngokwengqondo njengoba ebezama ukuhlanganisa izifundo zakhe nomsebenzi wakhe wobulingisi.

Ukhumbule ukuthi ngonyaka wakhe wokuqala wokufunda, wayehamba ubusuku bonke phakathi kweJohannesburg nePietermaritzburg ukuze afike eUmakilasini ngesikhathi eqopha isizini yokugcina ye-Isibaya. “Bekunzima ngokwengqondo, kodwa ngakwenza,” kusho yena.

“Angicabangi ukuthi bengizokwazi ukunqoba izinselelo zempilo yengqondo engangibhekene nazo ngaphandle kosizo lukadokotela wami wezengqondo,” kusho uJack.

Uphiko lwezokuSekela Abafundi e-UKZN lunikeze uJack izikhathi zokwelulekwa ngokwengqondo kuyo yonke iminyaka yakhe yezifundo ze-undergraduate kanye ne-postgraduate.

Uthe ubonga uNkulunkulu ngokumnika abantu abamesekayo empilweni yakhe. “Ngisho noma bengingasebenzi kahle kakhulu, bekulokhu kukhona umuntu ongikhuthazayo,” kusho yena.

Njengamanje uJack uthathe ikhefu ezifundweni ukuze athole ulwazi lomsebenzi ngokusebenza. Uhlela ukubhalisela izifundo ze-master’s esikhathini esizayo, ngenhloso yokugcina yokuphothula i-PhD.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *