UMengameli uCyril Ramaphosa uncome igalelo lika lesihlabani kwezokulingisa u Connie Chiume

Esithombeni: Usedlulile emhlabeni umlingisi ovelele wakuleli u Connie Chiume.

OWAMI THABETHE

UMengameli Cyril Ramaphosa udlulise amazwi enduduzo emndenini wengqalabutho yomlingisi uConnie Chiume oneminyaka engu 72, oshone kuleli sonto.

UChiume, ubengumlingisi ohlonishwayo futhi walingisa emidlalweni yakuleli neyamazwe ngamazwe okubalwa kuyo iBlack Panther: Wakanda Forever, ifilimu yomculo kaBeyonce ethi Black is King, Yizo Yizo 2, Zone 14, Rhythm city neGomora.

“Amakhono akhe amangalisayo kanye nezinto azizuzile bezisondele kakhulu ezinhlizweni zabantu base Ningizimu Afrika nabakwamanye amazwe.

Ngomsebenzi wakhe, uveze ngokuyiqiniso okwenzeka kubantu baseNingizimu Afrika. Ngaphandle kwamagalelo akhe kwezamafilimu, uNksz Chiume usebenze njengenxusa eliqavile lezwekazi lethu, esimele ngomusa nangesithunzi endimeni ehlukene yamafilimu”, kuncoma uMengameli Ramaphosa.

“Sibusisekile ngempela ngokubona lelikhono elihle kangaka  lase-Afrika njengoba ephakamise  ifulegi laseNingizimu Afrika ngemisebenzi yakhe eminingi yasesinema. Sengathi ifa lakhe lingaqhubeka nokusikhuthaza futhi lisiphakamise sonke,” kuqhuba uMengameli Ramaphosa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *