UNdunankulu uNtuli uhole umkhankaso wokulwa nokuhlukumeza ngokobulili kanye nobugebengu eMtuba

SHEILA MHLONGO

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMhlonishwa uThamsanqa Ntuli, Uhole Imbizo ube  yeCrime Prevention  ebibanjelwe e-Inkosi Mzondeni Civic Centre eMtubatuba, lapho ememe khona umphakathi wakwaMsane kanye nawo wonke umuntu esifundeni uMkhanyakude ukuthi bame  babambe iqhaza emkhankasweni wokulwa  nobugebengu ikakhulu ubudlova obuqondiswe kwabesifazane nezigameko zokubulawa kwabesifazane (GBV&F).

Usuku luqale ngohambo olunokuthula  olubizwa nge-Peace Walk yokulwa neGBV&F, eqale e-Inkosi Mtubatuba Local Municipality yaphetha eSiteshini Samaphoyisa saseMtubatuba. Lolu hambo luhlanganise abaholi bendawo, izinhlangano zomphakathi, intsha, kanye namalungu omphakathi, konke lokhu kudlulise umlayezo oqinile: iGBV&F ayinandawo KwaZulu-Natal.

Ubuholi bukaNdunankulu uNtuli kulo mcimbi bukhombise ukuzimisela kukahulumeni wesifundazwe ekuhlanganiseni umphakathi njengengxenye ebalulekile ekuthuthukiseni izindlela zokuvimbela ubugebengu. “Asikwazi ukuvumela imiphakathi yethu ukuthi iphile ngosizi nokwesaba,” kusho uNdunankulu uNtuli. “Ukuqeda iGBV&F kudinga thina sonke abaholi, amaphoyisa, abaholi bendabuko, kanye nabantu bakithi ukusebenzisana ngokushesha, ngenhlonipho nangenhliziyo ehlanzekile.”

Imbizo ibe yithuba likaNdunankulu lokuxhumana ngokuqondile neziMeya, izikhungo zomthetho, amakhosi, kanye nomphakathi mayelana nezinhlelo eziholwa nguhulumeni zokulwa nobugebengu. Lezi zihlanganisa ukwandisa  ukubonakala kwamaphoyisa, izinhlelo zokuphepha ezisuselwa emphakathini, izinsiza zokweseka abasinde ebudloveni, kanye nobudlelwano obuqinile phakathi kukahulumeni nomphakathi.

Lokhu  kuxhumana kuyahambisana nesifiso sikaHulumeni weSifundazwe wesi-7 sokwakha imiphakathi ephephile efaka wonke umuntu, futhi onesithunzi kulo lonke elaKwaZulu-Natal. Luphinde lwamemezela umyalezo ocacile wesifundazwe: akukho ukuqhubeka nokuthula, akukho ukubekezelela futhi akukho ukunganaki uma kuziwa ebudloveni nobugebengu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *