Masingabi noNkulunkulu wemilomo kodwa izenzo zikhomba okunye

MFU. NARE KATLEGO

Bantu bakithi ngiyanibingelela kuleliviki nezinsuku seziyasondela sibheke ephasikeni . Ngicela nje ukukhuthaza kakhulu abakholwayo nganawa amazwi ” UbuNkulunkulu bukumuntu ngaphakathi. Uma ungenabo ubunkulunkulu ngakuwe ayikho into ebizwa Nkulunkulu oyoyithola ezindaweni zokukhonza. Masingabi noNkulunkulu wemilomo kodwa izenzo zikhomba okunye, awukwazi ukuthi uyokhumbula uJesu ongakaze wambona ungakwazi ukukhumbula ngisho izihlobo zakho ezidonsa kanzima eziludingayo usizo lwakho . 

Umkhumbula njani uJesu ungakhulumisani nomakhelwane wakho ? Umkhumbula kanjani uJesu ube ungamazi omunye umuntu usabukela abantu phansi ? Ngaphambi kokuyofuna uNkulunkulu emibuthanweni akesiqale sithole ubunkulunkulu kithi ngaphakathi .

Obhalayo uMfundisi Katlego Nare 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *