Uvune izithelo ezinhle umkhankaso wesifundazwe saKwaZulu-Natali kuncipha izingozi emgwaqeni

SHEILA MHLONGO

Nakuba ngesikhathi sokushicilelwa kwephephandaba iKZN Namuhla bekungakakhishwa isitatimende esibika ngobungako bezingozi zomgwaqo ngesikhathi samaholidi ePhasika, kodwa kubukeka uzuze izithelo ezinhle umkhankaso kahulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natali wokuvimba ukwanda kwezingozi zomgwaqo njengoba bekusazwakale ukuthi babalelwa ku-6 kuphela abadlule nezingozi zomgwaqo uma kuqhathaniswa nonyaka ophelile ngesibalo esingu 304.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambi kwamaholide ePhasika uNdunankulu waKwaZulu-Natali uMhlonishwa Thamsanqa Ntuli ubehambisana noNgqongqoshe wezokuThutha kanye nezokuHlaliswa kwabantu uMnu Sboniso Duma bekanye noKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natali uNhlanhla Mkhwanazi lapho bethule khona umkhankaso wokuvimba izingozi baphinde benza nemigoqo emgwaqeni (Road Blocks kuthelwayeka eMarianhill Toll Plaza kanye nasendaweni yasePietermaritzburg  ekhungethwe izinzo zobugebengu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *