Nomthandazo Magoso
ABAFUNDI baka Matric bathole ithuba lokukhuthazwa ngaphambi kokubhala izivivinyo zabo embuthanweni obuhlelwe inhlangano iAfricology,endaweni yase Thohoyana, ngoMgqibelo.
Ongumsunguli wayo lenhlangano iAfricology uDktl. Ashantewaa Archer-Ngidi ubememe izikole ezahlukene, kulomcimbi wokukhuthaza abafundi okubalwa iDurban Girls,Overport High School, Burnwood,Sparks High School, George Campbell kanye neVumandaba okuyisikole sasendaweni ukuzonika ngenhloso yokuzokhuthaza uMatikuletsheni ka-2022 kanye nokunikeza iziyalo kubafundi, ithemba elisha kanye nelinye ithuba.

UNksz Fikile Kuhlase inhloko ye-Old Mutual Foundation uthi ngenhlanhla lolu bhubhane lubukeka luncipha, kodwa ubunzima bezenhlalakahle nezomnotho busekhona, ikakhulukazi kulezo zindawo zase-kzn ngenxa yezikhukhula zango-april izinhliziyo zethu ziyaqhubeka nokuphumela kuzo zonke izinkulungwane zabafundi bakamatikuletsheni okumele baxoxisane ngalesi sigameko esikhulu sempilo ngaphansi kwezimo ezinzima nezingcindezi.
Nangaphandle kokuphazamiseka okudalwe wubhubhane nokuvalwa kwezikole, unyaka ka-Matric uyinselelo, ugcwele izingcindezi, ukuphithizela ebusuku nokungaqiniseki ngekusasa.
Sifuna ukubonga bonke ozakwethu ngokuzinikela kwabo, siyabonga ngokusebenzisana nathi nokuba yingxenye yoshintsho oluhle oludingekayo. Izenzo ezingama-21 kulo nyaka ziphinde futhi zisebenzisane ne-SADTU ohlelweni I Am a Fan, uhlelo futhi ludidiyelwe, umnyango wezemfundo eyisisekelo, woza Matrics, Matric Live and The Second Chance Matric Progamme siyabonga kuNomfundo Mogabi oyisikhulu esiphezulu sesikhungo sezempilo.


