UMasipala weTheku uyabuhlonipha ubudlelwane bawo nezinhlaka ezahlukene

SHEILA MHLONGO

UMasipala waseThekwini  ukubona  kubaluleke kakhulu ubudlelwano bawo nezinhlaka ezahlukene emphakathini, ikakhulukazi umkhakha wezamabhizinisi, izinyunyana, kanye nomphakathi. Lokhu kuhlaluke  ngemuva kokugunyazwa kwesabelomali sika-R70.9 billion sika-2025/26 ngesonto eledlule, uMeya waseThekwini, uKhansela Cyril Xaba, usingathe umhlangano wesidlo sasekuseni  ngoLwesithathu lomhlaka 4 kuJuni, e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre,eThekwini, ngenhloso yokulalela ukuphawula kwezinhlaka ezahlukene.

UMeya Xaba ukhulume  mayelana nokwehliswa kokwenyusa amanani entela (tariff increase)  njengoba lokhu bekuyinto ebikhathaza izakhamuzi, amabhizinisi kanye nomphakathi ngesikhathi sokubonisana ngesabelomali. Ubalule  ukuthi isabelomali sigxile ekufakeni izinto ezintsha nasekulungiseni ingqalasizinda.
Uthe lokhu kuzoqinisekisa ukuhlinzekwa kwezidingo ngempumelelo.

“Sinyuse isabelomali sethu semali esetshenziselwa izinsiza eziyisisekelo saba ngu-10.3%, okusho u-R7.3 billion, kuhambisana nemigomo yeNational Treasury yokwandisa, ukufaka esikhundleni, nokuthuthukisa ingqalasizinda yethu.”

Uphinde wanezela ngokuthi u-7% wesabelomali sokusebenza sehlukaniselwe ukulungiswa nokugcinwa kwempahla.

UMeya Xaba uthe i-Water Turnaround Strategy izothuthukisa ukuzinza kwezezimali kwezinsiza zamanzi futhi ithuthukise ukusebenza kahle kwamanzi kanye nezinsiza zokuhlanza indle ukuze kuhlangatshezwane nesidingo esikhulayo edolobheni.

Cishe u-R600 million uzoqondiswa ezindaweni ezibalulekile zomnotho ukuze kube namaphrojekthi akhuthaza ukukhula. Lokhu kuzodala imisebenzi engu-300 000 futhi kuvule amaphrojekthi anenani lika-R217 billion. Uhlelo lokuvuselela idolobha elikhulu (Inner City Regeneration Programme) luyaqhubeka nokubhekana nezinkinga ezifana nokuphepha komphakathi, abantu abangaphandle kwemizi, ukususwa kwezakhiwo ezinenkinga, ukuthuthukiswa kwezindawo zomphakathi, ukuvala imigodi emgwaqweni, nokuqinisekisa ukuthi izibani zomgwaqo ziyasebenza.

UMeya Xaba weleke  ngokuthi ukwengezwa kwabasebenzi bophiko lwezokugcinwa komthetho kuwumgogodla walolu hlelo njengoba uMasipala eqinisa izinyathelo zokulwa nokuhweba okungekho emthethweni kanye nokuphoqelela ukugcinwa  kwemithetho yokwakha (building by-laws).

Abahambeli bomcimbi bezwakalise ukweneliseka ngendlela okuhlahlwe ngayo isabelomali. Iningi labo lithe liyayibona intuthuko edolobheni futhi bathi  balindele ngentshisekelo intuthuko ezayo. Abanye baphakamise izindaba ezithinta imitholampilo, ubugebengu nokuphepha, kanye nokubambisana okungenzeka nomkhakha wenkolo.

UMphathi kaMasipala waseThekwini, uMusa Mbhele, uthe ukugunyazwa kwesabelomali yiNational Treasury kuyinto enhle edolobheni eliya phambili yize libhekene nezinhlekelele zemvelo eziningi.

“Siyaziqhenya ngesabelomali sethu, futhi siyajabula ukuthi nezinhlaka ezahlukene ziyasamukela,” esho njalo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *