SHEILA MHLONGO
Ngaphothula uGrade-12 eNkosikayingangathi Secondary School ngineminyaka engu-18 . Ngaqala ukumodela ngifunda uGrade-9 ngo-2022 ngaqala nge-pageant okuthiwa uMiss Face of Devotion lapho khona engaphuma kwi top 5, ngangingenalo ithemba lokuthi ngizoba yilokhu engiyikho manje angikaze ngiyeke ukumodela ngaqhubeka .
Ngiphinde ngangenela uMiss National Tourism 2023 lapho khona engaba i Queen . Uthando loku modela lwangenyukela laphoke ngenkathi ngiba I Queen , ngase ngathatha isinqumo sokuthi angingayeki ngiqhubeke ngingenele amanye ama pageants . Kuthe ngonyaka odlule ngangenela uMiss Ubuciko Besintu 2024 owawu kwaHlabisa , eNhlwathi Eziphuthwini Hall mhla zingu-30 kuNovemba, ngaphumelela ngaba I Queen yama senior ngaba u “Miss Nhl Ubuciko Besintu 2024”
Ngonyaka ozayo ngizibona nginesikole sami sokumodelisa amantombazane, ngoba akhona afisayi kodwa awanaye umuntu ozowafundisa. Ngiyatholakala ku Instagram: mthethwaasimthande naku Tik tok :@zesuliwe 24.

