SHEILA MHLONGO
UNgqongqoshe wezoLimo, uMnu John Steenhuisen, uphendule imibuzo ephathelene nesifo esikhungethe imfuyo se-Foot-and-Mouth Disease (FMD) esitholakele eKwaZulu-Natal naseGauteng.
Uthe umnyango uthole imibuzo eminingi ephathelene nokuphepha kwenyama kanye nezinyathelo zokulawula ukusabalala kwesifo.
IFMD yigciwane elithathelwanayo elithinta izilwane ezinobhozo (njengezinkomo, izimvu nezimbuzi). KwaZulu-Natal ithinteke kakhulu kulamazinga.
Izinyathelo zikaHulumeni:
- Izindawo ezithintekile zifakwa kuquarantine – akukho mvume yokuhamba phakathi naphakathi.
- Kukhona ne-Disease Management Areas lapho kusetshenziswa izindlela ezifanayo.
- Izilwane zigonywa futhi ziphawulwe nge-F Brand entanyeni.
Inani Lomgomo:
- Kuhlelwe ukugonywa izilwane ezingaphezu kuka-900 000.
- Izifundazwe ezifana neLimpopo, Mpumalanga, Gauteng neKZN zizogonywa.
Ukuqaliswa Kokugoma:
- Ukuqaliswa kuzobe kulenyanga kaJune uma imithi isifikile.
- Imisebenzi yokugoma izoqala ezindaweni ezihlukahlukene ngesikhathi esisodwa.
Ukuphepha kwenyama:
- Ayikho inkinga yokushoda kwenyama.
- FMD ayibulali izilwane futhi ayithinti abantu ukudla inyama kuphephile.
Impendulo eKaran Beef:
- I-Red Meat Industry Services izovula isikhungo esilawula ukusabela kulesi sifo.
- Ithimba lizoqondiswa udokotela wezilwane nezinye izikhulu ukuze kulawulwe lesi sifo ngendlela eqondile nesimiswe kahle.
– SAnews.gov.za

