UNoncedo Mhlanga eHluhluwe eMdletsheni ucela isaphothi ukuze aphumelele emkhakheni wokumodela

SHEILA MHLONGO

Ngineminyaka eyishumi nantathu(13)ngenza ibanga lesishiyaga lombili(Grade 8)eZifundeni High School.Ukuqala kwami ukumodela ngangenza ibanga lesine (Grade 6) kwakungu-2023 ngingenele iMiss Hluhluwe angikaze ngiphumelele kodwa angigcinanga lapho ngoba nganginothando futhi nginethemba lokuthi ngizophumelela ngelinye ilanga. Kwathi  ngoMay-2023 ngangenela uNomvuyo Masiso Foundation lapho ngaqala khona ukuwina ngaba I-1st runner up kanye no Public choice kwathi ngoSeptember 2023 ngangenela uMiss Summer NHL ngawina futhi ngaba I-2nd Princess ngaphinda ngo February 2024 ngangenela uMiss Dream Chaser ngawina ngaba 2nd runner up.

Angigcinanga lapho ngabona kuncono ngizozama kwezinye izindawo ngo-Juni 2024 ngangenela uMiss Phenomenal Jozini ngawina futhi nakhona ngathola i-2nd Princess angigcinanga lapho kwathi ngoNovember 2024 ngangenela uMiss Ubuciko Besintu NHL ngawina ngaphuma  iQUEEN  ngathola neBest dress design. Kwathi ngo-Disemba 2024 ngangenela uMiss Zomakahle ngawina futhi khona ngathola i-1st Princess kanye ne Influencer ngokudayisa kakhulu amathikithi angikaze ngihlale kuthe Januwari 2025 ngangenela uMiss Valentine’s Sk ngawina ngaphuma i2nd Princess  ngoApril  ngangenela uMiss Beauty Valentine ngawina futhi ngaphuma i-1st Princess kanye ne Best Charitty.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *