SHEILA MHLONGO
Njengengxenye yesikhumbuzo soSuku Lwabesifazane obubanjelwe kuMasipala Wendawo Inkosi Mtubatuba, ngaphansi kukaMasipala Wesifunda uMkhanyakude, uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMhlonishwa uThamsanqa Ntuli uvakashele iLethinjabulo Gardens KwaMsane okuwuhlelo oluyimpumelelo lwezolimo oluholwa ngabesifazane oluwuphawu lokusimama kwabesifazane nosomabhizinisi ezindaweni zasemakhaya.
Ohambweni lwakhe uNdunankulu uNtuli uncome abesifazane abaqhuba lolu hlelo ngokuzinikela kwabo ekuqinisekiseni ukuvikeleka kokudla, ukuqeda ububha kanye nokudala amathuba emisebenzi endaweni. UNdunankulu uNtuli usenxuse uHulumeni wesiFundazwe ukuthi aqinise imizamo yokusiza bonke abalimi abasafufusa ukuthi bathole izimakethe.
Ugcizelele ukuthi ukweseka abalimi abancane nabasafufusa ngamathuba ezimakethe kubalulekile ekufukuleni ukukhula kwezolimo, ukudala amathuba emisebenzi, nokuqinisekisa izimpilo ezisimeme KwaZulu-Natal. Ekhuluma nabesifazane ngosuku lwabo uNgqongqoshe wezolimo uThembeni kaMadlopha Mthethwa uthe “sekuyisikhathi manje lapho abesifazane kufanele beyeke ukubukelana bona bodwa phansi ngoba lelizwe lingabo”.
Uthe ezolimo zidlala enkulu indima ekuthuthukiseni umnotho wezwe ngakho abesifazane njengabantu okuyibona zimbokode abamise namakhaya. Uthe, abesifazane abakwazi ukubhekana nezinkinga zabo ngqo bengazishayeleli ngaphansi kukakhaphethi lokhu kuyokwenza isizwe esibumbene esiqinile. Usho konke lokhu ngesikhathi evakashele abesifazane eMtubatuba ukuyogubha nabo usuku lwabo.

