Ongeziwe Ntondini
Inyanga ka-Agasti eNingizimu Afrika ibungazwa njengenyanga yabesifazane, isikhathi lapho kuhlonishwa khona iqhaza elibalulekile labesifazane ekwakheni umphakathi ozinzile, olinganayo nowenza umehluko. Le nyanga ayigcini nje ngokubungazwa kodwa iphinde ibe yithuba lokubheka izinselelo ezibhekene nabesifazane kanye nezindlela abaphumelela ngazo ekunqobeni lezo zinkinga njegeMbokodo.
Kusukela emlandweni, abesifazane babebhekene nokucwaswa, ukungatholi amathuba alinganayo emisebenzini, ukuhlukunyezwa ngokocansi kanye nokungazwakali kwezwi labo ezindaweni zokwenza izinqumo. Abanye baphila ezindaweni ezihlwempu, bengawatholi amathuba okufunda noma bengakwazi ukufinyelela ezinsizeni zokwelapha nezokuphepha.
Nokho, naphezu kwalezi zinselelo abesifazane abaningi baye babonise isibindi, ubuqhawe nokuzimisela. Bahlangana ndawonye basungula izinhlangano, baphakamise izwi labo bafunde futhi baqeqesha omunye nomunye. Bayaphumelela njengosomabhizinisi, othisha, odokotela, abameli, nabaholi bezepolitiki.
Phumzile Mlambo-Ngcuka: wathi “Ukulingana kwabantu besifazane nabesilisa akusona isipho kuwukulunga okumele kube yiso. Ukuze siqhubekele phambili njengomhlaba, kufanele sibe nobulungiswa bobulili.”
Omunye wosaziwayo uBonang Matheba uthi”Ungavumeli imvelaphi yakho inqume ikusasa lakho. Lwela amaphupho akho.”
Inyanga yabesifazane akuwona nje umkhosi kepha iyisikhumbuzo sokuthi abesifazane bangabanqobi yize bephila ngaphansi kwezimo ezinzima. Kufanele sonke, njengomphakathi, sizibophezele ekwakheni izindawo lapho abesifazane bezizwa bephephile, behlonishwa futhi bethola amathuba alinganayo. Abesifazane abafanele ukuhlonishwa kuphela ngo-Agasti kodwa yonke imihla.
“Wathint’ abafazi, wathint’ imbokodo!”

