UNikiwe Khethani(35)odabuka e-Eastern Cape kodwa otholakala eNorth West eRustenburg ungene endimeni yezomculo ngonyaka ka2016 ecula izingoma zeTraditinal Gospel.
“Angigcini nje ngokucula izingoma zokholo kuphela kodwa ngibuye ngicule izingoma zika maskandi. Ohambweni lami lomculo sengike ngakhipha umsebenzi wetradional gospel abantu abawuthokozela kakhulu. Okusha engifisa ukukudlulisa ukuthi abantu bazi ngingajabula ukuthola inkampani engizosebenzisana nayo ngibe nemenenja engiqondile nami ezongilekelela ngoba ziningi izinto engidinga iso lesibili kuzo njengoba ngisafufusa nje,”kuchaza uNikiwe Khethani.
Uma ufisa ukuzwa umculo kaNikiwe ungawuthola ngokuthi uxhumane naye kule nombolo: 071 8411 980 ngoba usatholakala kuyena kuphela okwamanje kanti futhi ungamulandela ezinkundleni zokuxhumana Facebook: Nikiwe khethani/ TikTok: @Nikiwe Khethani.

