Kunqobe owaseNanda kowabapheki bezindawo zokucima ukoma

THOBILE MBATHA

Unqotshwe uNksz Bongiwe Zama Shange umncintiswano wokupheka obizwa ngeMzansi Tavern Chef Cook-Off, obubanjelwe eChefs Training and Innovation Academy, eMorningside, eThekwini, ngenyanga kaMeyi. UNksz Shange ungoweLeon’s Tavern yaseNanda.

Lo mncintiswano, obhekelele ukukhuthazwa kokwenziwa kokudla ezindaweni zokucima ukoma, bese kungokwesithathu wenziwa njengoba uvulwe eWestern Cape, waya nase-Eastern Cape ngasekuqaleni konyaka. Ngokunqoba kwakhe uNksz Shange, ubhincisele wehlule abapheki abawu-14 abengenele nabo umncintiswano, kanti ukhale wemuka noR30 000 azosebenzisa ingxenye yawo ukusiza ukuthenga izithako zokudla endaweni asebenzela kuyona.

“Ngijabule kakhulu ngokudla umhlanganiso kulo mncintiswano ikakhulu ngoba bengingakulindele ukunqoba ngenxa yokuthi bengincintisana nabapheki osekuyisikhathi eside benza lo msebenzi, ekubeni ngiqale ukugxila kuwona nyakenye.

“Lokhu kungikhuthaze kakhulu, kwenza ngakholelwa kakhulu kimina, kangangokuthi sengibheke ukuqhubeka nokuzimisela emsebenzini engiwenzayo ngigcine senginenkampani yokupheka,” kusho uNksz Shange, ogculise amajaji ngesitshulu semvu nojeqe okuhambisana ne-salad.