Amaphoyisa kaMasipala weTheku agasele ezitaladini zedolobha abopha  omakhenikha abangekho emthethweni

Esithombeni: Sekuboshwe omakhenikha abangekho emthethweni abasebenza eduze nemigwaqo futhi abangenazo izincwadi zokuba izakhamizi zase Ningizimu Afrika

Isithombe: Sithunyelwe

OWAMI THABETHE

Amaphoyisa kaMasipala weTheku atheleke komakhenikha abangekho emthethweni emgwaqeni uMngeni ngoLwesithathu ngomhlaka 06 Agasti , ngesikhathi kunomkhankaso obekuhloswe ngawo ukuqeda  lo mkhuba.

Kuboshwe abasolwa abangu 8 ngesikhathi kuqhubeka lo mkhankaso kanti bonke bebephethe izincwadi zobuzwe zaseNingizimu Afrika ezingumgunyathi.

Njengengxenye yokugcina umthetho nokuhleleka, Amaphoyisa kaMasipala aphinde aqinisa ukusebenza kwemithetho kaMasipala kanye nezivimbamgwaqo ezihlanganisa imikhakha ehlukene iDolobha lonke.

Uphiko lwezomthetho kuMasipala luqaphe ngeso lokhozi ukwanda komakhenikha abangekho emthethweni abasebenza edolobheni. Lo mkhankaso obunezingxenye ezimbili obuholwa yiPhini leMeya noSihlalo weKomidi lezokuPhepha Nezimo Eziphuthumayo uKhansela Zandile Myeni ubugxile kwezokuphepha emgwaqeni, abokufika abangekho emthethweni abangenazo izincwadi, abadayisi abangekho emthethweni, ukwephulwa kwemithetho kaMasipala kanye namalayisensi ezimoto nezimvume zomgunyathi.

UKhansela Myeni uthe lokhu kuyinhloso yokunqanda ukwanda kwezigameko zobugebengu ezibikwayo. Uqhube wathi omakhenikha  abaseceleni komgwaqo abashiyi imigwaqo ingcolile kuphela kodwa kuphinde  kuchitheke nophethiloli okuphinde kuvimbe amapayipi amanzi. Ukukhanda izimoto eceleni komgwaqo nakho bakubeka njengecala.

UMyeni uthe amaphoyisa kaMasipala azoqhubeka nokusebenzisana nezinye izinhlaka ukuze kufezeke umbono weDolobha wezi-2030 wokuba iDolobha elinakekelayo  e-Afrika.

Ithimba le-Cleasing and Solid Waste nalo beliyingxenye yalo msebenzi futhi lihlinzeke ngezinsiza zokuhlanza ezisezingeni eliphezulu ukuze kususwe uwoyela nenkungu emgwaqeni. 

IDolobha liphinde linxuse abahlali ukuthi balandele imigudu efanele yokulawula imfucuza ehlanganisa ukulahla imfucuza emigqonyeni kadoti yasemgwaqeni ebekwe ngendlela engafanelekile kulo lonke iDolobha, bakhiphe imfucuza ngezinsuku ezihleliwe zokuqoqwa, kanye nokugwema ukulahlwa kukadoti ngokungemthetho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *