UMathamnandi “Udokotela Wephimbo” Msomi ukhiphe i-EP ucela nimlandele futhi nimeseke

SHEILA MHLONGO

Izinhlelo zami zakulonyaka ngizoqale ngifake izingoma zami ezitolo za-online bese ngenza i-EP njengoba ngike ngaba nokuphazamiseka kakhulu kuleminyaka emithathu eyedlule.

Kune-EP engi busy ngayo estudio enginethemba lokuthi abantu bazoyithokozela. Ngizobe ngisebenza noMbuzeni Mkhize uyena ozongi producer engingakusho  unyaka ophelile awuzange waba muhle neze ngezimo eziye zangehlela empilweni yami kangangoba ngihluleke ngisho ukusondela kubantu esibenzela umculo.

Engingakusho nje abantu abalindele ingoma enkulu engicabanga ukuthi ingangithatha ingibeke kwelinye igxathu. Umculo wami uzotholakala kuwona wonke ama digital platforms.

Ngitholakala kulenombolo WhatsApp/ Calls: 072 129 7335 / 072 129 7335 Facebook: Mathamnandi Msomi naku Facebook page : Mathamnandi Msomi udokotela wephimbo.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *