SHEILA MHLONGO
Engifisa ukukwenza kulonyaka ukuqedela I-album yami yesibili ngikhuphule izinga lami kwezomculo. Ngisize nabasafisa ukungena endimeni yomculo. Izinhlelo zalonyaka ukukhuphula izinga lomphakathi wangakithi osakhula. Ngokuvuselela uthando kwezikaqeda isizungu kanye nomculo.
Ngifisa ukubeka imincintiswano ngokwehlukana kwayo. Ngifisa ukubuyisela emphakathini, ngokuxhasa izingane ezincane ngomfaniswano wesikole, ngithenge amabhola nokunye esiyokuthola kungekho kuwo umphakathi esiyobe siwuhambele ngaleso skhathi.
Abaculi abaningi sengisebenzile nabo futhi ngisasebenzisana nabo njengo Bonakele Masango, Mlabalaba Khumalo, Ozungezwayo, Njabulo Langa kanye noSne Ntuli. Producer uMenzi Thubalakhe Khumalo. Ngiyafisa nokusebenza nabanye angikhethe bala lomuntu.
Izifundo engizifundile ukuthi endimeni yomculo kubalulekile ukuthi ukwazi ukufunda nokubhala. Nokuthi akufanele ubheke umculo kuphela kufanele uzame nangezinye izindlela zokuphila, lokho kwenza ukuthi ungazondi ozakwenu uthi bayakuvalela. Okungalindelwa abalandeli i-album yesibili ezophuma maduze nje. Umculo wami uyatholaka kuwo wonke ama digital platform. I-Album ethi “Bayanyanya”.
Umculo wami utholakala ngokuthi uwubheke kuma-online stores noma uzitholele cd ,USB kimi noma ushayele uMenzi. WhatsApp/ Calls: 060 4088 978, Tik tok : madlokovu092, Facebook: madlokovu naku Instagram: sdakadaka.
.

