UNtombizodwa  “Masithole” Sithole  waseDannhauser obhala izinkondlo aphinde afundise intsha izinganekwane ucela ukwesekwa

SHEILA MHLONGO

Ngingusonkondlokazi,umxoxi wezindaba ’storyteller’, umdlali wemidlalo yomoya, umbhali kanye nesocial activist.  Ngaqala ngimncane kakhulu ukubhala izinkondlo, ngangenza ibanga lesithupha eMana High School eDannhauser.Ngibe sengikhuphuka ngiza eGoli ngo-2010.

Ngafike ngasebenza esikolweni iJunior College  eBranston.Ilapho uthando lwestory telling lwaqala khona kwathi ngo-2016 ngaqala ukwenza  izinkondlo emsakazweni womphakathi nokuthe ngo-2022.  Ngaqala ukuxoxa izinganekwane kuthe  ngonyaka Ka-2019 sadilizwa emsebenzini yilapho engabona kufanele ngixoxele izingane zasemphakathi izinganekwane ngomsakazo nasemtapweni wolwazi ngingabheke nkokhelo. Ngikwenza ngothando njengoba ogogo bengasazixoxi izinganekwane.

Ziningi izindawo lapho esengike ngavela kuzo ngalelithalente njenge Jozi book Fair, Market Theatre,nasezinhlanganweni zomphakathi kanti njengamanje ngitolika ngesizulu omunye wemidlalo owuchungechunge odlala Netflix,100 ways to find love. Lapho ngidlala uVicky umsebenzi wasendlini njengawowonke umuntu nganginamaphupho ngeNdawo ,umndeni bakithi. Ngiyafisa ukuba sebalazweni ngelinye ilanga kanti kunesiqubulo sami esithi”nakwandlwana ukhona umbono“.Ukuthi ngizalwelwephi akuchazi ingomuso lami,ukuzimisela okuyoba umhlahlandlela

Kanti ngangifisa ukuba umsakazi,intatheli kodwa ngesimo somnotho akuzange kwenzeke okwamanje ngixoxela izingane zasenkulisa yase-Alexandra njalo ngolwezibili.Konke lokhu ngikwenza ngothando. Abantwana bakwazi ukungamukela,bangifundisa nokukhuluma isilungu ngifisa nokupublisher ezami izincwadi.Kubantu ngifisa bazi siyadingana sonke,kanti konethalente akalisebenzise.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *