USyabulela ‘Magqilaza’ Ndisile eMtaise kwaMadiba ucela nimxhase ukuze kufezeke amaphupho omculo

SHEILA MHLONGO

Ngicula uMaskandi engisuka nawo endaweni yangakithi eMtaise ngiye nga recorder ingoma ngadibana no mama uPat Nkonyeni oye wangifundisa okuningi kwasemculweni engenzela amaposter wangifaka kwiSocial Media.

 Ubengipostela  izinto zami zomculo wabuye wangifaka kuma National Amaciko Ngoma Music  award aseCarletonville lapho ngabuya ne-Award khona njenge the Best Maskandi Artist. Ubuye wangifaka kwi KZN Namuhla Artists Awards.

Ngabuya ne Certificate of Recognition ngo-2023.  Inhlelo zami kulo nyaka kukukhipha enye I-album ngisebenzisane noProducer uNqobile Mbandlwa eChatsworth.  Ngifunde ukuthi umculo ufuna isikhathi sawo, ukudibana namanye  Amaciko asenolwazi ngezinto zomculo. Abalandeli bami ngicela bangivotele kuma-Awards eKzn Namuhla. Umculo wami awukatholakali kuma platforms kodwa uzongena kungekudala. Inombolo kaWhatsApp/ Calls 063 312 9549 nakuFacebook.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *